UJeremiya 40:3-4

UJeremiya 40:3-4 ZUL20

uSimakade usekulethile, wakwenza njengokusho kwakhe, ngokuba nonile kuSimakade, kanililalelanga izwi lakhe, yingakho nehlelwe yilokhu. Bheka, manje ngiyakukhulula namuhla emaketangeni asezandleni zakho. Uma kukuhle kuwe ukuba uye nami eBhabhele, woza, ngiyakukunakekela, kodwa uma ungafuni ukuya nami eBhabhele, hlala. Uyabona, lonke izwe liphambi kwakho; yana lapho ufisa ukuya khona.”