UJeremiya 1:4-19

UJeremiya 1:4-19 ZUL20

Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi, ungakaphumi esibelethweni ngakungcwelisa, ngakuqoka ukuba ube ngumphrofethi ezizweni.” Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Simakade! Mina angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngisengumfanyana nje.” Kepha uSimakade wathi kimi: “Ungathi kimi ungumfanyana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, futhi uyakukhuluma konke engikuyala ngakho. Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” kusho uSimakade. USimakade wayeselula isandla sakhe, wathinta umlomo wami; uSimakade wathi kimi: “Ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho. Bheka, ngiyakujuba namuhla phezu kwezizwe nemibuso, ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala.” Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Jeremiya, ubonani na?” Ngathi: “Ngibona igatsha lomu-alimondi.” USimakade wayesethi kimi: “Ubone kahle, ngokuba ngiyakuqikelela ukuba izwi lami ngilifeze.” Izwi likaSimakade labuye lafika kimi ngokwesibili, lathi: “Ubonani na?” Ngathi: “Ngibona ibhodwe elibilayo, lifulathele inyakatho.” USimakade wayesethi kimi: “Kuzovela inhlekelele ngasenyakatho, ezokwehlela bonke abakhileyo ezweni. Ngokuba ngiyakubiza yonke imindeni yemibuso yasenyakatho,” kusho uSimakade. “Iyakufika, kube yilowo nalowo ubeke isihlalo sawo sobukhosi ezikhaleni zamasango eJerusalema, nakuzo zonke izingange ezilizungezile, nasemizini yonke yakwaJuda. Ngiyakubagweba ngenxa yabo bonke ububi babo, ngokuba bangihlubukile, bashisela abanye onkulunkulu impepho, bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo. “Ngalokho-ke wena, bopha ukhalo lwakho, usuke uyokhuluma kubo konke engiyakukuyala ngakho. Ungapheli amandla ngenxa yabo, funa ngikuqede amandla phambi kwabo. Ngokuba namuhla ngikubekile ukuba ube ngumuzi obiyelweyo, insika yensimbi, izingange zethusi kulo lonke izwe, emakhosini akwaJuda nezikhulu zakhona, abaphristi bakhona nakubantu bezwe. Bayokulwa nawe, kodwa abasoze bakwehlula, ngokuba nginawe,” kusho uSimakade, “ukuba ngikophule.”