EkaJakobe 4:13-16

EkaJakobe 4:13-16 ZUL20

Wozani manje nina enithi: “Namuhla noma ngomuso sizakuya kulo muzi noma kulowaya, sihlale khona kuze kuphele unyaka, sihwebelane, sithole inzuzo.” Kepha anilazi ikusasa ukuthi liniphatheleni nokuthi impilo yenu iyakuba yini na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana bese iyanyamalala. Empeleni ngabe nithi: “Uma iNkosi ithanda, siyakuphila, senze lokhu nalokhuya.” Kepha manje niyazigabisa nina; konke ukuzigabisa okunjalo kubi.