EkaJakobe 2:1-8

EkaJakobe 2:1-8 ZUL20

Bazalwane bami, ukukholwa yiNkosi yethu uJesu Khristu, iNkosi yenkazimulo, makungabi nokukhetha abantu. Ngokuba uma kungena esinagogeni lenu umuntu ofake indandatho yegolide emnweni wakhe, egqoke nezingubo zakwanokusho, bese kungena nompofu ogqoke izingubo ezimbi, niyabheka, bese nithi kogqoke izingubo zakwanokusho: “Hlala lapha wena kule ndawo enhle,” bese nithi kompofu: “Yima lapho wena,” noma: “Hlala phansi kwesenabelo sezinyawo zami.” Anibandlululanga yini phakathi kwenu, naba ngabehluleli abanemidlinzo emibi na? Lalelani, bazalwane bami abathandekayo, uNkulunkulu akabakhethanga yini abampofu bomhlaba ukuba babe ngabacebileyo okholweni, nezindlalifa zombuso awuthembisa kulabo abamthandayo na? Kepha nina nimehlisa isithunzi ompofu. Abacebileyo kabanicindezeli yini, banihudulele ezigcawini na? Akusibo yini abahlambalaza igama elihle enibizwa ngalo na? Kepha uma niwugcina umthetho wobukhosi njengokombhalo othi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne EkaJakobe 2:1-8