U-Izaya 61:1-5

U-Izaya 61:1-5 ZUL20

UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele. Ngimemezele unyaka womusa kaSimakade nosuku lokuziphindiselela kukaNkulunkulu wethu, ngiduduze bonke abalilayo, ngenze ukuba abalilayo eZiyoni baphiwe amaqhiya esikhundleni somlotha; amafutha enjabulo esikhundleni sokulila; ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo; ukuze babizwe ngokuthi yimithi yokulunga, nokutshalwe nguSimakade, ukuze adunyiswe. Bayokwakha kabusha izincithakalo ezindala, bavuse izindawo ezazidiliziwe, balungise imizi ebhujisiweyo, izindawo esezibe yincithakalo izizukulwane ngezizukulwane. Abezizwe bayokuma beluse imihlambi yenu, abafokazi babe ngabalimi benu, nabaphathi bezivini zenu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne U-Izaya 61:1-5