UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele. Ngimemezele unyaka womusa kaSimakade nosuku lokuziphindiselela kukaNkulunkulu wethu, ngiduduze bonke abalilayo, ngenze ukuba abalilayo eZiyoni baphiwe amaqhiya esikhundleni somlotha; amafutha enjabulo esikhundleni sokulila; ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo; ukuze babizwe ngokuthi yimithi yokulunga, nokutshalwe nguSimakade, ukuze adunyiswe.
Funda U-Izaya 61
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Izaya 61:1-3
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo