Ngonyaka wokufa kwenkosi u-Uziya, ngabona uSimakade ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi esiphezulu nesiphakemeyo; umsila wengubo yakhe ugcwalise ithempeli. Ngaphezu kwakhe kwakumi amaserafi; yilelo nalelo linamaphiko ayisithupha; ngamabili awo lamboza ubuso balo, ngamabili lamboza izinyawo zalo, nangamabili landiza. Elinye lamemeza kwelinye, lathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uSimakade Wamabandla, wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.” Izinsika zomnyango zathuthumeliswa yizwi lomemezayo, indlu yagcwala intuthu. Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ondebe zakhe zingcolile, futhi ngihleli phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile. Ngokuba amehlo ami ayibonile iNkosi uSimakade Wamabandla.” Elinye lamaserafi landizela kimi liphethe ilahle elivuthayo esandleni salo, elalilithathe ngodlawu e-althare. Lathinta umlomo wami, lathi: “Uyabona, lokhu kuzithintile izindebe zakho; ububi bakho sebususiwe, nezono zakho sezihlanguliwe.” Ngabuye ngezwa izwi leNkosi lithi: “Ngiyothuma bani, ngubani oyosiyela na?” Ngase ngithi: “Bheka, nangu mina; thuma mina.”
Funda U-Izaya 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Izaya 6:1-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo