U-Izaya 1:1-31

U-Izaya 1:1-31 ZUL20

Umbono ka-Izaya, indodana ka-Amozi, awubona maqondana noJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya; amakhosi akwaJuda. Yizwani mazulu, ubeke indlebe we mhlaba, ngokuba uSimakade ukhuluma, uthi: “Ngikhulisile, ngondla abantwana, kodwa bangihlubukile. Inkabi iyamazi umniniyo, nembongolo umkhombe lapho umniniyo eyiphakela khona, kodwa u-Israyeli akazi, abantu bami kabaqondi.” Maye kuwe, sizwe esonayo, bantu abasindwa ngukona, nzalo yezonakali, bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uSimakade, bamdelela oNgcwele ka-Israyeli, bahlehlile bamfulathela. Nisazoshaywa kuphi futhi, lokhu nisaqhubeka nokuhlubuka na? Lonke ikhanda liyagula, nenhliziyo yonke ibuthakathaka. Kusukela ematheni onyawo kuze kube sekhanda, akukho mpilo, kodwa ngamanxeba nezilonda zodwa, amanxeba ophayo awakhanyiwe ubovu, noma aboshwe, noma athanjiswe ngamafutha. Izwe lakini liyincithakalo, imizi yakini ishiswe ngomlilo, umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu; liyincithakalo, libhujiswe ngabafokazi. Indodakazi yaseZiyoni isele njengedlangala esivinini, njengexhokovana ensimini kakhukhamba, nanjengomuzi ovinjezelweyo. Ukuba uSimakade Wamabandla ubengasishiyelanga insali, besiyakufana neSodoma, sibe njengeGomora. Lalelani izwi likaSimakade, nina babusi baseSodoma. Nibeke indlebe esifundisweni sikaNkulunkulu wethu, nina bantu baseGomora. “Iyini kimi imihlatshelo yenu eniyenza kaninginingi na?” kusho uSimakade. “Senganele yiminikelo yenu yokushiswa yezinqama, namanoni ezilwane ezikhuluphalisiwe; angithokozi ngegazi lezinkunzi nelamawundlu nelezimbuzi. Uma niza phambi kwami, ngubani ofune lokhu esandleni senu ukuba ninyathele emagcekeni ami na? Khawulani ukungilethela iminikelo engasho lutho; impepho iyisinengiso kimi. Imikhosi yenu yokwethwasa kwenyanga namasabatha, nokubiza imihlangano; anginakuyibekezelela imihlangano yenu emibi. Izinsuku zokwethwasa kwenyanga nemikhosi yenu emisiweyo, umphefumulo wami uyakuzonda; sekuphenduke umthwalo kimi, sengikhathele ukukuthwala. Uma niphakamisa izandla zenu, ngiyowafihla amehlo ami; ngisho ningenza imithandazo eminingi, angiyukuyilalela; izandla zenu zigcwele igazi. Gezani, nizihlambulule; susani ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami. Yekani ukwenza okubi. Fundani ukwenza okuhle, nifune ubulungiswa, nimelane nabacindezeli, nivikele izintandane, nimele abafelokazi. “Wozani-ke sidingide lolu daba,” kusho uSimakade. “Noma izono zenu zibomvu njengegazi, ziyokuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu klebhu, ziyoba mhlophe njengoboya bezimvu. Uma nivuma, futhi nilalela, niyokudla okuhle kwezwe. Kodwa uma nenqaba, futhi nihlubuka, niyodliwa yinkemba,” ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile. Yeka umuzi obuthembekile usuphenduke isifebe, lona obugcwele ubulungiswa! Ubuqotho babuhlala kuwo; kodwa manje ngababulali. Isiliva lakho seliphenduke amanyela; iwayini lakho lixutshwe namanzi. Izikhulu zakho zingabahlubuki nabangani bamasela; bonke bathanda ukufunjathiswa, balandela izipho nemivuzo. Abazivikeli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo. Ngakho-ke iNkosi uSimakade Wamabandla, uSomandla ka-Israyeli, uthi: “Impela ngizothululela ulaka lwami ezitheni zami, ngiziphindiselele kuzo. Ngizoguqula isandla sami ngimelane nawe, ngicwengisise wonke amanyela akho, ngisuse konke ukungcola kwakho. Ngizobabuyisela abehluleli bakho njengakuqala, nabeluleki bakho njengasekuqaleni. Emveni kwalokho uyobizwa ngomuzi wobuqotho, umuzi othembekileyo. “IZiyoni lizokhululwa ngobulungiswa, nalabo abakulo baphenduke ngokulunga. Kodwa abahlubuki bayobhujiswa kanye nezoni; nalabo abashiya uSimakade bayoqedwa nya. “Impela niyokuba namahloni ngemi-okhi ebeniyilubalubela, niphoxeke ngezivande enaseniziqokile. Ngokuba niyofana nomu-okhi omacembe awo abunile, nanjengesivande esingenamanzi. Umuntu onamandla uyoba njengenswani, nomsebenzi wakhe ube yinhlansi; bobabili bashe kanyekanye, akuyukubabikho ocimayo.”

Funda U-Izaya 1