KumaHebheru 10:19-39

KumaHebheru 10:19-39 ZUL20

Ngakho-ke bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu, ngendlela entsha nephilayo asivulela yona, edabula isihenqo, okungukuthi umzimba wakhe, njengokuba sinomphristi omkhulu wendlu kaNkulunkulu, masisondele ngenhliziyo eqinisileyo nangokwethemba kokukholwa okupheleleyo, zifafaziwe izinhliziyo zethu konembeza ababi, nomzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo. Masibambisise isivumo sethemba lethu; singantengantengi, ngokuba uthembekile lowo owethembisayo. Masinakekelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle. Singakuyeki ukuhlangana kwethu njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sigqugquzelane, ikakhulu njengokuba nilubona usuku lusondela. Ngokuba uma sona ngamabomu, emva kokuba sesilwemukele ulwazi olupheleleyo lweqiniso, akusekho mhlatshelo ongenziwa ngenxa yezono, kepha kuphela ukulindela ukwehlulelwa okwesabekayo nomlilo ovutha bhe ozakungqongqisa amaphikankani. Noma ngubani ophule umthetho kaMose uyakufa engenakuhawukelwa ngezwi lofakazi ababili noma abathathu. Pho-ke nicabanga ukuthi singakanani isijeziso salowo obukele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na? Ngokuba siyamazi owathi: “Ingeyami impindiselo, ngiyakuphindisela,” futhi-ke: “INkosi iyakubehlulela abantu bayo.” Kuyinto esabekayo ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo. Kepha khumbulani izinsuku esezadlula, okwathi senikhanyisiwe, nabhekana nobunzima obukhulu bezinhlupheko. Ngesinye isikhathi nithukwa, nihlukunyezwa, kubukiswa ngani, nangesinye isikhathi nizihlanganisa nalabo ababephila kanjalo. Nezwelana impela nababoshiweyo, nakwemukela ngokuthokoza ukuqhwagwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla engcono kunaleyo, futhi engeyaphakade. Ngakho-ke ningayeki ukuba neqholo, elinomvuzo omkhulu. Ngokuba niyadinga ukubekezela, lokho kuyintando kaNkulunkulu ukuze kuthi lapho senikwenzile namukele isithembiso. Akusensuku zatshwala afike ozayo, akayukulibala. Kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa, kodwa uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awuyukuthokoza ngaye. Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KumaHebheru 10:19-39