IGenesisi 6:9-22

IGenesisi 6:9-22 ZUL20

Nanku umlando kaNowa nezizukulwane zakhe. UNowa wayengumuntu oqotho, engenasici esizukulwaneni sakhe, ehamba noNkulunkulu. UNowa wazala amadodana amathathu: uShemu, uHamu, noJafethi. Umhlaba wase wonakele kakhulu phambi kukaNkulunkulu, ugcwele ubudlova. UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba bonke abantu babeziphethe kabi emhlabeni. UNkulunkulu wathi kuNowa: “Senginqume ukubabhubhisa bonke abantu, ngoba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yabo. Bheka, ngizobabhubhisa nomhlaba. Wena zakhele umkhumbi ngezingodo zomgoferi, uwakhe ube namakamelo, uwubhixe ngebhithumeni ngaphakathi nangaphandle. Uzowakha kanje: ubude bawo bube ngamakhubhithi angama-300, ububanzi bube ngamakhubhithi angama-50, kuthi ukuphakama kwawo kube ngamakhubhithi angama-30. Uwufulele, ushiye isikhala esiyikhubhithi eyodwa phakathi kophahla macala wonke. Uwakhe ube namagumbi amathathu, elinye libe phezu kwelinye, kube nomnyango eceleni. Bheka, Mina ngizokwehlisa uzamcolo emhlabeni, ubhubhise konke okuphilayo phansi komthunzi welanga, kufe konke okuphefumulayo emhlabeni. Kepha ngizokwenza nawe isivumelwano, uzongena emkhunjini wena nomkakho namadodana akho nomkawo, bese ungenisa zonke izilwane ngazimbili ngezinhlobo zazo, kube yiduna nensikazi ukuze ziphile nawe. Ungenise izinyoni ngezinhlobo zazo, nezilwane ngezinhlobo zazo, nezihuquzelayo ngezinhlobo zazo, konke lokho kungene ngakubili ukuze kuphile. Zithathele lonke uhlobo lokudla ukulondoloze, ukuze kube ngukudla kwenu nokwazo.” UNowa wakwenza konke lokho uNkulunkulu ayemyale ukuba akwenze.