U-Adamu walala nomkakhe u-Eva, wayesekhulelwa, wazala uKhayini, wathi: “Ngifumene insizwa kuSimakade.” Wabuye wazala enye indodana wayiqamba ngokuthi ngu-Abela. U-Abela wayengumelusi, uKhayini engumlimi. Kwathi ngokuhamba kwezinsuku uKhayini waletha kuSimakade umnikelo wezithelo zomhlabathi. U-Abela naye waletha amazibulo emfuyo yakhe, wanikela ngezitho zawo ezinonileyo. USimakade wamnaka u-Abela nomnikelo wakhe, kodwa uKhayini nomnikelo wakhe wakushaya indiva. UKhayini wathukuthela wagana unwabu, wahwaqabala ebusweni. USimakade wambuza uKhayini wathi: “Uthukutheleleni na? Bunyukubaleleni ubuso bakho na?
Funda IGenesisi 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IGenesisi 4:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo