IGenesisi 39:21-23

IGenesisi 39:21-23 ZUL20

USimakade wayenaye uJosefa, wamenzela umusa, waba nogazi kumphathijele. Umphathijele wambeka uJosefa waba yinduna yabo bonke ayevalelwe nabo, kubuzwa kuye konke okwakwenzeka lapho. Umphathijele akabange esazikhathaza ngalutho, ngokuba konke kwakusesandleni sikaJosefa, futhi uSimakade wayemphumelelisa kukho konke akwenzayo.