IGenesisi 29:1-14

IGenesisi 29:1-14 ZUL20

UJakobe waqhubeka nohambo lwakhe, waze wayofika ezweni labantu basempumalanga. Esabheka, wabona umthombo endle nemihlambi emithathu yezimvu ilele eduze kwawo, ngokuba yayiphuziswa kulowo mthombo. Itshe elalisemlonyeni wawo lalilikhulu kakhulu. Kwakuthi lapho imihlambi isihlangene, abelusi bagingqe itshe emlonyeni womthombo, baphuzise izimvu, bese belibuyisela endaweni yalo, bagibekele ngalo umlomo womthombo. UJakobe wabuza abelusi wathi: “Bafowethu, niliqhamukisaphi na?” Bamphendula bathi: “EHarana.” Wathi kubo: “Niyamazi yini uLabani indodana kaNahori na?” Bathi: “Siyamazi.” Wayesethi kubo: “Ngabe usaphila yini na?” Bathi: “Yebo, usaphila. Nansi indodakazi yakhe uRaheli iza nezimvu.” Wathi kubo: “Ilanga lisaphakeme. Akukabi yisikhathi sokubuyisa imihlambi, phuzisani izimvu bese niyahamba niyoziklabisa edlelweni.” Bathi: “Asikwazi ukwenza lokho, ize imihlambi iphelele yonke, kugingqwe itshe emlonyeni womthombo, bese siyaziphuzisa izimvu.” Esakhuluma nabo uJakobe, kwafika uRaheli nezimvu zikayise, ngokuba nguyena owayezelusa. Kuthe lapho uJakobe embona uRaheli, indodakazi kaLabani, umzala wakhe, nezimvu zikaLabani umalume wakhe, uJakobe wasondela, wagingqa itshe elisusa emlonyeni womthombo, waphuzisa izimvu zikaLabani umalume wakhe. UJakobe wamanga uRaheli, wayesedazuluka ekhala kakhulu ngenxa yokujabula. UJakobe wayesemtshela uRaheli ukuthi uhlobene noyise, ngokuba uyindodana kaRibheka. URaheli wagijima wayobikela uyise. Lapho uLabani ezwa udaba ngomshana wakhe uJakobe, wagijima wayomhlangabeza, wamgona, wamanga, wabuyela naye emzini wakhe. UJakobe wamlandisa uLabani zonke lezo zinto. ULabani wayesethi kuye: “Impela uyithambo lami nenyama yami.” UJakobe wahlala naye inyanga yonke.