UHezekeli 34:11-16

UHezekeli 34:11-16 ZUL20

“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Mina ngizozicinga izimvu zami, ngizifune. Njengalokhu umelusi ewufuna umhlambi wakhe lapho uhlakazekile, kanjalo-ke ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizihlenge kuzo zonke izindawo ezihlakazelwe kuzo ngosuku lwamafu nesigayegaye sobumnyama. Ngiyakuzikhipha ezizweni, ngiziqoqe emazweni, ngiziyise ezweni lazo, bese ngizelusela ezintabeni zakwa-Israyeli, nangasemifuleni, nasezindaweni zonke okuhlalwa kuzo ezweni. Ngiyakuzelusela emadlelweni amahle; amadlelo azo ayakuba sezintabeni eziphakemeyo kwa-Israyeli. Ziyakubuthisa emadlelweni amahle, ziklabe emadlelweni aluhlaza ezintabeni kwa-Israyeli. Ngiyakuzelusela Mina izimvu zami, ngizenze zibuthise,” kusho iNkosi uSimakade. “Ezilahlekileyo ngiyakuzifuna, ngizibuyise ezidukileyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo, kodwa ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzibhubhisa; ngiyakuzinakekela ngobulungiswa.