I-Eksodusi 18:13-27

I-Eksodusi 18:13-27 ZUL20

Ngakusasa uMose wahlalela ukwehlulela abantu, abantu bema ngakuMose kusukela ekuseni kwaze kwaba kusihlwa. Umukhwe kaMose wakubona konke lokhu ayekwenzela abantu, wathi kuye: “Kuyini lokhu obenzela khona abantu na? Kungani uhlale wedwa, uzungezwe ngabantu kusukela ekuseni kuze kuhlwe na?” UMose wathi kumukhwe wakhe: “Kungokuba abantu beza kimi ukuzobuza okushiwo nguNkulunkulu. Uma kunodaba phakathi kwabo, beza kimi ukuba ngahlulele phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, bese ngibatshela imithetho nezimiso zikaNkulunkulu.” Umukhwe kaMose wathi kuye: “Lokhu okwenzayo akukuhle. Uzozikhandla uzikhathaze wena nalaba bantu onabo, ngokuba lo msebenzi mkhulu kakhulu kunawe, awunakukwazi ukuwenza uwedwa. Manje ngilalele, ngizokweluleka, uNkulunkulu abe nawe. Ufanele ukukhulumela abantu phambi kukaNkulunkulu, ulethe izindaba zabo kuNkulunkulu; bafundise izimiso nemithetho, ubenze bayiqonde indlela okumele bahambe ngayo, nomsebenzi okufanele bawenze. Zifunele phakathi kwabo amadoda ahloniphekile, amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekile, akuzondayo ukuthola inzuzo ngokungalungile, uwabeke abe yizinduna zezinkulungwane, zamakhulu, zama-50, nezeshumi. Makube yibona abehlulela abantu ngezikhathi zonke; balethe kuwe zonke izindaba ezinkulu, kodwa amacala amancane mawanqunywe yibo, ukuze bawenze ube lula umthwalo wakho, bathwalisane nawe. Uma ukwenza lokhu, noNkulunkulu ekuyala kanjalo, uyokwazi ukuma, nabantu bonke babuyele emizini yabo benokweneliswa.” UMose wamlalela umukhwe wakhe, wakwenza konke ayekushilo. UMose wakhetha amadoda anekhono phakathi kwabakwa-Israyeli, wawabeka aba yizinduna zabantu, aba yizinduna phezu kwezinkulungwane, phezu kwamakhulu, phezu kwama-50, naphezu kweshumi. Zehlulela abantu ngezikhathi zonke. Amacala anzima zaziwedlulisela kuMose. Zonke izindaba ezilula zehlulelwa yizo. UMose wavalelisana nomukhwe wakhe, uJethro wahamba wabuyela ezweni lakubo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne I-Eksodusi 18:13-27