I-Eksodusi 15:23-25

I-Eksodusi 15:23-25 ZUL20

Bafika eMara, kodwa abakwazanga ukuphuza amanzi eMara, ngokuba ayebaba, yingakho igama lendawo kwathiwa yiMara. Abantu bakhononda ngoMose, bathi: “Siyakuphuzani na?” Wakhala kuSimakade, uSimakade wamkhombisa umuthi; wawuphonsa emanzini, amanzi ayeseba mnandi. USimakade wabamisela khona lapho umthetho nesimiso, wayesebavivinya belapho.