I-Eksodusi 15:1-11

I-Eksodusi 15:1-11 ZUL20

UMose nabantu bakwa-Israyeli bahuba leli hubo kuSimakade, bathi: “Ngizohlabelela kuSimakade, ngokuba uphakeme kakhulu, ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle. USimakade ungamandla ami nesivikelo sami, uyinsindiso yami, lona nguNkulunkulu wami, ngizokumtusa, nguNkulunkulu kababa, ngizokumphakamisa. USimakade uyindoda yempi, nguSimakade igama lakhe. Izinqola zikaFaro nempi yakhe ukuphonse olwandle; izikhulu zakhe ezikhethekileyo uziminzise oLwandle Lomhlanga. Utwa lwabasibekela; bashona ezinzulwini njengetshe. “Isandla sakho sokunene Simakade siyakhazimula ngamandla, isandla sakho sokunene Simakade sifihlize isitha. Ebukhulwini bobukhosi bakho uthele phansi labo abamelana nawe, uthumele intukuthelo yakho yabaqothula njengamahlanga. Ngokufutha kwamakhala akho amanzi ema aba yinqwaba, izikhukhula zaphakama njengendunduma, utwa lwashuba enhliziyweni yolwandle. “Isitha sathi: ‘Ngizokubahubha, ngize ngibafice, ngehlukanise impango, ngizitike ngize ngidele ngabo. Ngiyakuhosha inkemba yami, isandla sami sibabhubhise.’ Uphephethe ngomoya wakho, ulwandle lwabemboza, bacwila njengomthofu emanzini anamandla. “Ngubani onjengawe Simakade phakathi konkulunkulu na? Ngubani onjengawe ngobukhosi nangobungcwele, omangalisayo ngendumiso, owenza izimangaliso na?

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne I-Eksodusi 15:1-11