U-Esteri 4:14-16

U-Esteri 4:14-16 ZUL20

Uma uthula ngesikhathi esifana nalesi, usizo nokukhululwa kwabaJuda kuzovela ndawana thize, kodwa wena nabendlu kayihlo nizobhubha. Ngubani owaziyo? Mhlawumbe ungene embusweni waba yindlovukazi ngenxa yesikhathi esifana nalesi.” U-Esteri wawuphendula umlayezo kaMoridekhayi, wathi: “Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.”