UMshumayeli 2:18-23

UMshumayeli 2:18-23 ZUL20

Ngawuzonda wonke umshikashika wami engawushikashika phansi komthunzi welanga, lapho ngibona ukuthi ngizowushiyela ozoza emuva kwami. Kwazi bani ukuthi uzokuba yisihlakaniphi noma yisiwula na? Nokho nguyena ozokwengamela wonke umshikashika wami, asebenzise nokuhlakanipha kwami phansi komthunzi welanga. Nalokho kuyize. Ngase ngitheneka amandla, inhliziyo yami yadikibala ngawo wonke umshikashika engiwushikashike phansi komthunzi welanga. Ngokuba kuyenzeka ukuba umuntu umshikashika wakhe awenze ngokuhlakanipha nangolwazi nangekhono, kodwa kufanele awushiyele umuntu ongakaze awukhandlekele, ube yifa lakhe. Nalokho kuyize nobubi obukhulu. Umuntu utholani ngakho konke ukushikashikeka nokukhandleka kwakhe phansi komthunzi welanga na? Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe uwusizi; nasebusuku ingqondo yakhe ayikutholi ukuphumula. Nalokho kuyize.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UMshumayeli 2:18-23