Khumbula uMdali wakho ezinsukwini zobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, neminyaka ingakasondeli oyothi ngayo: “Angithokozi.” Mkhumbule Yena ilanga nokukhanya, nenyanga nezinkanyezi kungakafiphali, lingakahlomi futhi emuva kwemvula. Ngosuku lapho abalindi bendlu beyothuthumela, namadoda anamandla athothobale, nabasilayo beyoyeka ukugaya, ngoba sebeyingcosana, nabalunguza ngamafasitela bangabe besalunguza, lapho neminyango ephumela emgwaqweni iyovalwa, nomsindo wesigayo ushayele phansi, abantu bavuswe ngukutshiloza kwezinyoni, nokuhlabelela kwamadodakazi sekuzwakalela phansi, nalapho abantu besaba okuphakemeyo, isihlahla somAlimondi siyoqhakaza, intethe itotobe, izihlahla zekaphari zingatheli, ngokuba umuntu useya ekhaya lakhe laphakade, abalilayo bayazulazula emigwaqweni
Funda UMshumayeli 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UMshumayeli 12:1-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo