Ayesebuthana lawo madoda aya enkosini, athi kuyo: “Yazi, nkosi, ukuthi kungumthetho wamaMede namaPheresiya ukuba kungaguqulwa siyalezo nasimiso esimiswa yinkosi.” Yayisiyaleza inkosi, walethwa uDaniyeli, waphonswa emphandwini wezingonyama. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Sengathi uNkulunkulu wakho omkhonza njalo angakuhlenga.” Kwase kulethwa itshe, labekwa emlonyeni womphandu. Inkosi yalinamathelisa ngendandatho yayo nangendandatho yezikhulu zayo, ukuze kungaguqulwa lutho maqondana noDaniyeli. Inkosi yase iya esigodlweni sayo, yadlulisa ubusuku izila; izinsimbi ezibethwayo azilethwanga kuyo, ayizange ibuthi quthu ubuthongo.
Funda UDaniyeli 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UDaniyeli 6:15-18
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo