UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane, kubo abangcwele baseKholose, nabazalwane abakholekileyo kuKhristu: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu.
Simbonga njalo uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, uma sinikhulekela, ngokuba sizwile ngokukholwa kwenu kuKhristu uJesu nangothando eninalo kubo bonke abangcwele, ngenxa yethemba enibekelwe lona ezulwini, enezwa ngalo phambilini ngezwi leqiniso levangeli, elifikile kini, njengalokhu likhona ezweni lonke, lithela izithelo, landa, njengalokhu kwenzeka naphakathi kwenu, kusukela ngosuku enalizwa ngalo, nawazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso, njengalokhu nafunda ku-Ephafra othandekayo, oyinceku kanye nathi, isikhonzi esethembekileyo sikaKhristu ngenxa yenu; okunguyena futhi owasitshela ngothando lwenu ngoMoya.
Ngakho-ke nathi, kusukela ngosuku esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela sicela ukuba nigcwaliswe ngolwazi lwentando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya, ukuze nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo kuyo yonke imisebenzi elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu, niqiniswe ngokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, ukuze nikwazi ukuqinisela kukho konke, nibekezela ngokujabula, nibonga uYise owanenza nafanela ukuba nesabelo sefa labangcwele ekukhanyeni