IZenzo 9:36-42

IZenzo 9:36-42 ZUL20

EJopha kwakukhona owesifazane othile okholwayo, ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uma lihunyushwa uDokhasi; wayenemisebenzi eminingi emihle, futhi abela abampofu izipho. Kwathi ngalezo zinsuku wagula, wafa. Bamgeza base bembeka ekamelweni eliphezulu. Nokho-ke iLida lalakhelene neJopha, ngakho-ke abafundi sebezwile ukuthi uPhethro ukhona lapho, bathumela kuye amadoda amabili, bamcela bathi: “Yiza kithi ngokushesha, ungalibali.” Wayesesuka uPhethro, wahamba nabo. Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; bonke abafelokazi bema eduze kwakhe bekhala, bembonisa izembatho nezingubo ezazenziwe nguDokhasi esaphila. Kepha uPhethro esebakhiphele ngaphandle bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, wayesephendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wavula amehlo akhe, wabona uPhethro, wayesehlala. UPhethro wambamba ngesandla, wamsukumisa, wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephile saka. Lokho kwezwakala kulo lonke iJopha; abaningi bakholwa yiNkosi.

Funda IZenzo 9