IZenzo 4:29-31

IZenzo 4:29-31 ZUL20

Manje, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngaso sonke isibindi, wena welule isandla sakho ukuphulukisa, ukwenza izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.” Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo ababehlanganele kuyo, bonke bagcwaliswa nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.

Funda IZenzo 4