IZenzo 25:13-27

IZenzo 25:13-27 ZUL20

Kuthe sekwedlule izinsuku ezithile, u-Agripha inkosi, noBhernisi bafika eKhesariya ukuyobingelela uFestu. Bahlala khona izinsuku eziningi; uFestu walubeka ezithebeni phambi kwenkosi udaba lukaPawula, wathi: “Kunendoda ethile eyisiboshwa eyashiywa nguFelikisi, okwathi ngiseJerusalema, abaphristi abakhulu namalunga abaJuda bangibikela ngayo becela ukuba ilahlwe ngecala. Ngabaphendula ngathi akusiwo umkhuba wamaRoma ukudlulisa umuntu omangalelwe engakamiswa phambi kwabammangaleleyo, athole ithuba lokuziphendulela ngecala amangalelwe ngalo. Ngakho-ke sebebuthene lapha, angipholisanga maseko, ngahlala esihlalweni sokwehlulela ngakusasa. Ngayaleza ukuba le ndoda ilethwe, basukuma-ke, abayimangalelanga ngacala engangilindele ukuthi bazolisho. Kepha babenokuphikisana ngokuthile mayelana nenkolo yakubo nangomuntu othile, uJesu owafayo, athi ngaye uPawula uyaphila. Kepha mina njengoba ngingaziqondi lezi zinto, ngabuza ukuthi uyafuna yini ukuya eJerusalema ayobhekana namacala abekwe wona lapho. Kepha uPawula eseledlulisile icala wacela ukuba agcinwe lize lithethwe yinkosi enkulu, ngayala ukuba agcinwe ngize ngimthumele kuKhesari.” U-Agripha wathi kuFestu; “Nami ngiyathanda ukumuzwa lo muntu.” Wathi: “Uzomuzwa kusasa.” Ngakho-ke ngakusasa kwafika u-Agripha noBhernisi, bemukelwa ngokuhlonishwa okukhulu, bangena endlini yamacala nezinduna zenkulungwane nezikhulu zomuzi. UFestu wayaleza ukuba uPawula alethwe kubo. UFestu wathi: “Nkosi, Agripha, nani nonke madoda enilapha kanye nathi, niyambona lo uquqaba lwabaJuda olwangincenga ngaye eJerusalema nalapha, lumemeza luthi akafanele ukuphila, mina angifumananga lutho olufanele ukufa kwakwenzileyo, kodwa ngenxa yokuthi ulwedlulisele kuKhesari udaba lwakhe, nginqume ukumthumela lapho. Anginalutho oluqinisekileyo ngaye engingayilobela yona inkosi, yingakho-ke ngimlethe phambi kwakho, nkosi, Agripha, ukuze kuthi uma sewuluvavanyile udaba lwakhe, ngibe nakho engingakuloba. Ngokuba akunamqondo ngokwami ukuba ngithumele isiboshwa, kungakabikwa ukuthi ayini amacala aso.”

Funda IZenzo 25