IZenzo 24:22-27

IZenzo 24:22-27 ZUL20

Kepha uFelikisi ekwazi kahle okuqondene naleyo Ndlela, wakuguqisa ukuqulwa kwecala, ethi: “Kuyakuthi uma sekufike uLisiya, induna yenkulungwane, bese nginquma ngodaba lwenu.” Wajuba induna yekhulu ukuba imgcine uPawula, kodwa imnike inkululeko, futhi inganqabeli muntu wakubo ukuzomsiza. Kwathi emva kwezinsuku ezithile, wafika uFelikisi noDrusila, umkakhe, owayengumJuda; wambiza uPawula, ukuze amlalele ekhuluma ngokukholwa kuKhristu uJesu. Kuthe esakhuluma ngokulunga, ngokuzithiba, nangokwehlulela okuzayo, uFelikisi washaywa luvalo, wayesephendula ethi: “Okwamanje hamba, kodwa uma ngithola ithuba, ngizokubiza.” Wayenethemba futhi lokuthi uPawula uzakumnika imali, ngalokho-ke wayelokhu ethumela embiza, akhulume naye. Kepha sekuphele iminyaka emibili, isikhundla sikaFelikisi sathathwa nguPhorkiyu Festu, kodwa yena efuna ukuthokozisa abaJuda wamshiya uPawula eboshiwe ejele.

Funda IZenzo 24