IZenzo 16:25-26

IZenzo 16:25-26 ZUL20

Kepha phakathi nobusuku uPawula noSila bekhuleka bedumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zazibalalele. Ngokuphazima kweso kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwanyakaza nezisekelo zejele; masinyane yonke iminyango yavuleka, namaketango ababeboshwe ngawo, athukululeka.

Funda IZenzo 16