IZenzo 16:1-24

IZenzo 16:1-24 ZUL20

UPawula wahamba waze wafika eDerbe naseListra. Lapho kwakukhona umfundi othile, igama lakhe kunguThimothewu, indodana yowesifazane okholwayo wakwaJuda, kodwa uyise wayengumGriki, owayenconywa ngabazalwane baseListra nabase-Ikhoniyu. UPawula wathanda ukuba ahambe naye, wamthatha, wamsoka ngenxa yabaJuda ababekulezo zindawo, ngokuba bonke babazi ukuthi uyise ungumGriki. Lapho bedabula emizini, babedlulisela kubo izinqumo ezathathwa ngabaphostoli namalunga aseJerusalema, ukuba bazigcine. Ngakho-ke amabandla akhula ekukholweni, anda ngesibalo imihla ngemihla. Badabula eFrigiya naseGalathiya, kodwa uMoya oNgcwele wabanqabela ukukhuluma izwi e-Asiya. Sebefikile eMisiya, bazama ukuya eBhithiniya, kodwa uMoya kaJesu awubavumelanga. Badlula eMisiya, behlela eThrowa. UPawula wabona umbono ebusuku: indoda ethile yaseMakhedoniya yayimi imncenga, ithi: “Welela eMakhedoniya, usisize.” Kuthe esewubonile lowo mbono; wafuna ukuya ngokushesha eMakhedoniya, ngokuba sasikholwa ukuthi uNkulunkulu usibizile ukuba sishumayele ivangeli kubo. Sasuka eThrowa ngomkhumbi, saqonda eSamothrake, kwathi ngakusasa safika eNeyapholi. Sasuka lapho saya eFiliphi, elingumuzi ovelele esifundeni saseMakhedoniya, ikoloni. Sahlala kulo muzi izinsuku ezithile. Ngosuku lweSabatha, saphumela ngaphandle kwesango ngasemfuleni, lapho esasifuna kube yindawo yokukhuleka. Sesihleli phansi, sakhuluma nabesifazane ababebuthene lapho. Owesifazane othile, ogama lakhe linguLidiya, wasemzini waseThiyathira, othengisa ezibukhwebezane, okhonza uNkulunkulu, walalela. INkosi yayivula inhliziyo yakhe ukuba alalelisise lokho okwakukhulunywa nguPawula. Kuthe esebhabhadisiwe nabendlu yakhe, wasincenga wathi: “Uma nithi ngethembekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona.” Wasehlula. Kwathi lapho siya endaweni yokukhuleka, kweza intombazane enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula. Yalandela uPawula kanye nathi, imemeza ithi: “Laba bantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, ezimemezela kini indlela yensindiso.” Yakwenza lokhu izinsuku eziningi, kodwa uPawula esecasukile waphenduka, wathi kumoya: “Ngiyakuyala egameni likaJesu uKhristu ukuba uphume kuyo.” Waphuma ngaso leso sikhathi. Kwathi ukuba abaniniyo babone ukuthi ithemba labo lokuthola inzuzo seliphelile, babamba uPawula noSila, babahudulela esigcawini phambi kwababusi, babayisa ezinduneni, bathi: “Laba bantu banyakazisa umuzi wakithi, bebe bengabaJuda, bafundisa amasiko esingavunyelwe ukuba siwamukele noma siwenze thina esingamaRoma.” Isixuku sabavukela, izinduna zayalela ukuba bakhunyulwe izingubo, bashaywe ngezinduku. Sebebashayile imivimbo eminingi, bagqunywa etilongweni. Izinduna zayala umgciniziboshwa ukuba abaqaphelisise impela. Kwathi eseyalwe kanjalo, qede wabafaka ejele elingaphakathi, wabophela izinyawo zabo ogongolweni.

Funda IZenzo 16