Kwathi esahleli nabo, wabayala ukuba bangamuki eJerusalema, kodwa balindele isithembiso sikaYise abasizwe ngaye. Ngokuba uJohane wayebhabhadisa ngamanzi, kodwa nina nizakubhabhadiswa ngoMoya oNgcwele zingakadluli izinsuku eziningi. Labo ababebuthene lapho bambuza bathi: “Nkosi, uzowubuyisela yini umbuso ku-Israyeli ngalesi sikhathi na?” Wathi kubo: “Akusikho okwenu ukwazi izikhathi noma imizuzu uBaba akumisileyo ngamandla akhe. Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, eJudiya lonke naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.”
Funda IZenzo 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IZenzo 1:4-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo