2 USamuweli 11:11-17

2 USamuweli 11:11-17 ZUL20

U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo, u-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni. Inkosi yami, uJowabe nezinceku zenkosi yami, bakanise endle. Pho mina ngingangena kanjani endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Ngifunga ngiyagomela phambi kwakho, angisoze ngakwenza lokho.” UDavide wathi ku-Uriya: “Hlala lapha namuhla nangomuso, ngizokuphindisela emuva.” U-Uriya wahlala eJerusalema ngalolo lusuku nangomuso. UDavide wambiza futhi, wadla phambi kwakhe, waphuza waze wadakwa, waphuma ebusuku wayolala embhedeni wakhe kanye nezinceku zenkosi, akazange ehlele endlini yakhe. Kwathi ekuseni uDavide walobela uJowabe incwadi, wayiphathisa u-Uriya. Encwadini wayebhale wathi: “Mmiseni u-Uriya phambili, lapho impi ishisa khona, bese niyahlehla ukuze abulawe, afe.” Ngesikhathi uJowabe esewuvimbezela umuzi, wammisa u-Uriya endaweni lapho ayazi ukuthi kunamadoda anamandla. Amadoda akulowo muzi aphuma ukuzolwa noJowabe. Kwafa abantu abathile ezincekwini zikaDavide; kwafa no-Uriya, umHithi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 USamuweli 11:11-17