2 KwabaseKhorinte 13:5-9

2 KwabaseKhorinte 13:5-9 ZUL20

Zihloleni nina, nibone ukuthi nisekukholweni yini, zivivinyeni nina. Noma anazi yini ukuthi uJesu uKhristu ukini na? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa. Kepha ngethemba ukuthi niyazi ukuthi thina asiyibo abokwaliwa. Siyakhuleka kuNkulunkulu ukuba ningenzi lutho olubi, hhayi ukuba thina sibonakale sinempumelelo, kepha ukuba nina nenze okuhle, noma thina singaba njengabahlulekile. Ngokuba asinamandla okwenza lutho olumelene neqiniso, kuphela ukuba simele iqiniso. Ngokuba siyajabula lapho sibuthakathaka, nina ninamandla, yilokhu esikukhulekelayo, ukuba nipheleliswe.