Bayizikhonzi zikaKhristu na? Ngikhulumisa okohlanya, ngokuba mina ngiyisikhonzi ukwedlula bona. Ngasebenza ngokuzikhandla okukhulu kunabo, ngaboshwa izikhawu eziningi kunabo, ngashaywa kaningi impela, ngaba phakathi kokufa kaningi. KubaJuda, ngabhaxatshulwa imivimbo engama-40, amahlandla ayisihlanu, kusala kuphela owodwa ema-40. Ngashaywa ngezinduku izikhathi ezintathu, ngakhandwa kanye ngamatshe, izikhathi ezintathu ngalinyalelwa ngumkhumbi, ngaba semanzini olwandle ubusuku bunye nemini. Ngangisendleleni njalo, ngisengozini emifuleni, kubaphangi, kubantu bakithi, kwabezizwe, ngisengozini emzini, ngisengosini ehlane, olwandle, ngisengozini nakubazalwane bamanga. Ngokusebenza nangokukhandleka, ngiqwashile kaningi ebusuku, ngokulamba, ngokoma, ngokuzila ukudla izikhathi eziningi, ngokuququdwa ngamakhaza, nangokuhamba ze.
Funda 2 KwabaseKhorinte 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 KwabaseKhorinte 11:23-27
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo