2 IZikhronike 6:18-21

2 IZikhronike 6:18-21 ZUL20

“Ngabe uNkulunkulu uyakuhlala impela nabantu emhlabeni na? Izulu namazulu amazulu angekwanele; pho kakhulu kangakanani le ndlu engiyakhileyo na? Wubheke umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, Simakade Nkulunkulu wami, uzwe ukukhala kokunxusa nomkhuleko inceku yakho ekukhuleka phambi kwakho. Amehlo akho mawayibheke le ndlu ubusuku nemini, indawo owakhuluma ngayo ukuthi uyakubeka khona igama lakho, uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka kule ndawo. Kulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho, u-Israyeli, abayakukhuleka kule ndawo, uzwe usendaweni yakho yokuhlala ezulwini, nalapho usuzwile, uthethelele.