UJehoshafathi wayenengcebo nodumo olukhulu, waba nobuhlobo no-Ahabi ngokuganiselana. Ngasekugcineni kweminyaka ethile, wehlela eSamariya ku-Ahabi. U-Ahabi wamhlabisa, yena nabantu ababenaye, izimvu nezinkabi eziningi, wamncenga ukuba akhuphuke ahlasele iRamothi Gileyadi. U-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, wathi kuJehoshafathi, inkosi yakwaJuda: “Uyakuhamba nami yini, siye eRamothi Gileyadi na?” Wathi kuye: “Mina nginjengawe, nabantu bami banjengabantu bakho; siyakuba nawe empini.” UJehoshafathi wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Ake ubuze namhlanje izwi likaSimakade.”
Funda 2 IZikhronike 18
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 IZikhronike 18:1-4
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo