Elokugcina, bazalwane, siyaninxusa, sinigqugquzela eNkosini uJesu ukuba njengalokhu nakwemukela kithi ukuthi nifanele niziphathe, futhi nimthokozise kanjani uNkulunkulu, njengalokhu nivele nenza kanjalo, khuthalani-ke kakhulu ukwenza lokho. Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngeNkosi uJesu. Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu ukuba ningcweliswe, nidede ebufebeni; kube yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha, kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu, ukuze kungabi bikho noyedwa owonayo ngalokhu, aphambe umfowabo; ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambilini, futhi sagcizelela. Ngokuba uNkulunkulu kasibizelanga emanyaleni, kodwa wasibizela ebungcweleni. Ngakho-ke okwalayo lokhu akali umuntu, kodwa wala uNkulunkulu, okunguYena oninika uMoya wakhe oNgcwele.
Funda 1 KwabaseThesalonikha 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 KwabaseThesalonikha 4:1-8
4 Izinsuku
Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezine lusibonisa uhambo olungenamkhawulo ezincwadini ezimbili zikaPawulu eziya kwabaseThesalonika. UPawulu usiyala ngokuphila okungcwele, esinikeza ithemba lokuthi uJesu uzobuya, usikhuthaza ukuba sibekezele naphezu kwezilingo, futhi usiqinisekisa ngobulungiswa nokunqoba kukaNkulunkulu.
10 Days
As a pastor, you spend a lot of time leading and encouraging others. The Bible has encouragement for you, too. This 10-day reading plan walks you through 10 practical ways to strengthen the health of your church by learning to rely fully on God. With short but powerful verses and a focused thought for each day, Growing a Healthy Church is a great boost for your daily prayer time.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo