1 USamuweli 13:13-14

1 USamuweli 13:13-14 ZUL20

USamuweli wathi kuSawule: “Wenze ubuwula, awuwugcinanga umyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho akuyale ngawo. USimakade ubezowuqinisa umbuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade, kodwa manje umbuso wakho awusezukuqhubeka. USimakade uzifunele umuntu oqokwe yinhliziyo yakhe. USimakade ummisile ukuba abe ngumholi wabantu bakhe, ngokuba awukugcinanga lokho uSimakade akuyala ngakho.”