USamuweli wathi ku-Israyeli wonkana: “Niyabona-ke, ngililalele izwi lenu kukho konke enikushilo kimi; ngibeke inkosi ukuba inibuse. Manje bhekani, inkosi sekuyiyo ehamba phambi kwenu; mina sengimdala, ngiyimpunga. Nanka amadodana ami anani; selokhu ngahamba phambi kwenu, kusukela ebusheni bami kuze kube namuhla. Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaSimakade naphambi kogcotshiweyo wakhe, ukuthi ngake ngathatha inkabi kabani, noma imbongolo kabani, ngubani engimqolile, ngicindezele bani futhi ngemukele ukufunjathiswa okuvela esandleni sikabani ukuze amehlo ami avalwe yikho na? Lokho ngiyakukubuyisela kini.” Bathi: “Awusiqolanga, awusicindezelanga, awemukelanga lutho esandleni samuntu.” Wayesethi kubo: “USimakade ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami.” Bathi: “Ungufakazi.”
Funda 1 USamuweli 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 USamuweli 12:1-5
6 Days
Feeling like your life is stuck on autopilot? It’s time to recenter on the things that matter most. In this 6-day Bible Plan accompanying Pastor Craig Groeschel’s message series, True Virtue, we’ll discover how to move beyond empty virtue signaling into real living that honors God and inspires others.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo