UNahashi wakwa-Amoni wenyuka, wakanisa eJabheshi Gileyadi. Bonke abantu baseJabheshi bathi kuNahashi: “Masenze isivumelwano, thina sizokukhonza.” UNahashi wakwa-Amoni wathi kubo: “Ngizosenza nani isivumelwano ngokuba nonke nikhiphe amehlo enu akwesokudla, lokho ngiyakukubeka kube yihlazo kuwo wonke u-Israyeli.” Amalunga aseJabeshi athi kuye: “Ake usiyeke izinsuku eziyisikhombisa, ukuze sithumele izithunywa kuyo yonke imingcele yakwa-Israyeli; uma kungekho ozosihlenga, siyozinikela kuwe.” Izithunywa zafika eGibheya likaSawule, zakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantu. Bonke abantu badazuluka, bakhala. Bheka, kwaqhamuka uSawule eqhuba izinkomo, evela ensimini. USawule wathi: “Bakhalelani kangaka abantu na?” Base bemlandisa ngokwakushiwo ngabantu baseJabheshi. Esekuzwile lokho uSawule, uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule; wathukuthela wagana unwabu. Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wathumela izithunywa nazo kuyo yonke imingcele yakwa-Israyeli, wathi: “Ongezukuphuma alandele uSawule noSamuweli kuzokwenzeka kanje ezinkabini zakhe.” Ingebhe ngoSimakade yehlela phezu kwabantu, baphuma kwangathi bamuntu munye. Wabahlela eBhezeki; abakwa-Israyeli babeyizi-300 000; abakwaJuda beyizi-30 000. Bathi ezithunyweni ezazifike kubo: “Niyothi kubantu baseJabheshi Gileyadi: ‘Kusasa lapho ilanga libalele, niyakukhululwa.’ ” Izithunywa zafika zabatshela abantu baseJabheshi; bathokoza. Abantu baseJabheshi bathi: “Kusasa sizozinikela kini, nenze kithi konke okuyakuba kuhle emehlweni enu.” Ngakusasa uSawule wabahlela abantu wabamisa izigaba ezintathu. Bangena enkanjini yakwa-Amoni ekuthatheni kokusa, babulala abakwa-Amoni laze laphakama ilanga. Abasalayo basakazeka bagcwala iziganga, akusalanga kubo ababili bendawonye. Abantu bathi kuSamuweli: “Ngubani othe uSawule uzobusa phezu kwethu, na? Baletheni lapha labo bantu sibabulale.” USawule wathi: “Namuhla makungabulawa muntu ngoba namuhla uSimakade nguye osindise u-Israyeli.” USamuweli wayesethi kubantu: “Wozani, masihambe siye eGiligali sifike simise umbuso khona.” Bonke abantu baya eGiligali, bafika bambeka khona eGiligali uSawule, waba yinkosi phambi kukaSimakade. Bahlaba lapho imihlatshelo neminikelo yokuthula phambi kukaSimakade. USawule nabo bonke abantu bakwa-Israyeli bathokoza kakhulu lapho.
Funda 1 USamuweli 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 USamuweli 11:1-15
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo