1 USamuweli 10:1-6

1 USamuweli 10:1-6 ZUL20

USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha wawuthela ekhanda likaSawule wayesemanga, wathi kuye: “USimakade akakugcobile yini ukuba ube ngumbusi wefa lakhe na? Uma ususukile lapha kimi namuhla, uzohlangana nabantu ababili ngasethuneni likaRaheli, emngceleni wakwaBhenjamini eZeliza. Bayakuthi kuwe: ‘Izimbongolo owawuphume ukuyozifuna sezitholakele. Manje uyihlo akasakhathazekile ngezimbongolo, usekhathazeke ngani, uthi: “Ngiyakwenzenjani ngomntanami, na?” ’ “Nxa usuka kubo uyakuqhubeka uze ufike esihlahleni somu-okhi eThabhori, lapho uyakuhlangana nabantu abathathu bekhuphukela kuNkulunkulu eBhethele. Omunye uyobe ephethe amazinyane amathathu ezimbuzi, omunye ephethe izinkwa ezintathu, omunye ephethe imvaba yewayini. Bayokubingelela, bakunike izinkwa ezimbili oyakuzamukela ezandleni zabo. “Emveni kwalokho uyakufika entabeni kaNkulunkulu; ikhanda lempi yamaFilisti lilapho. Kuyakuthi uma usufikile kulowo muzi, uyohlangana neviyo labaphrofethi behla endaweni ephakemeyo, kunogubhu, isigubhu, igekle, nehabhu phambi kwabo, bephrofetha. UMoya kaSimakade uyokwehlela phezu kwakho, uphrofethe kanye nabo, uphenduke omunye umuntu.