1 KaPhethro 3:1-12

1 KaPhethro 3:1-12 ZUL20

Kanjalo bafazi, thobelani amadoda enu ukuze kuthi uma kukhona amadoda angalilaleli izwi, azuzeke ngenxa yokuziphatha kahle kwabafazi bawo, ngaphandle kwezwi; kepha ngokubona inkambo yenu emsulwa, esekwesabeni. Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, okokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo ezikhangayo, kepha makube ngumuntu osekusithekeni enhliziyweni, ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu. Ngokuba babekade bezihlobisa kanjalo abesifazane abakholwayo, labo abethemba uNkulunkulu, futhi bewathobela amadoda abo, njengoSara owamlalela u-Abhrahama embiza ngokuthi inkosi. Nina-ke ningabantwana bakhe uma nje nenza okuhle, ningesabi lutho okwesabisayo. Kanjalo nani madoda, hlalani nabafazi benu niqonda ukuthi owesifazane unjengesitsha esibuthakathaka; nibanike inhlonipho, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa. Okokugcina yibani nhliziyonye nonke, nizwelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka. Ningaphindisi okubi ngokubi, inhlamba ngenhlamba; kepha busisani, ngokuba nabizelwa lokho, ukuba nidle ifa lokubusiswa. Umbhalo uthi: “Lowo othanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso. Akugweme okubi, enze okuhle, afune ukuthula, akuphokophelele, ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo ziyayizwa imikhuleko yabo, kodwa ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 KaPhethro 3:1-12