1 KwabaseKhorinte 7:1-11

1 KwabaseKhorinte 7:1-11 ZUL20

Manje, maqondana nalokho enangilobela ngakho: kuhle ukuba indoda ingamthinti owesifazane. Kepha ngenxa yobufebe, akube yileyo naleyo ndoda ibe nomfazi, kanjalo nowesifazane abe neyakhe indoda. Indoda mayimenelise umfazi ngokocansi, kanjalo nomfazi enze kanjalo endodeni. Umfazi kanamandla phezu komzimba wakhe, kodwa yindoda enawo, kanjalo nendoda kayinamandla phezu komzimba wayo, kodwa ngumfazi onawo. Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhashana ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu. Kepha lokhu ngikusho ngokuvunyelwa yini, anginishayeli umthetho. Ngifisa ukuba abantu bonke babe njengami, kodwa yilowo nalowo muntu unesiphiwo sakhe esivela kuNkulunkulu, omunye uphiwe lesi, omunye uphiwe lesiya. Kepha kulabo abangaganiwe nakubafelokazi ngithi bekungaba kuhle ukuba bahlale benjengami. Uma bengakwazi ukuzithiba, mabagane, ngokuba kuhle ukugana kunokusha yinkanuko. Kepha kwabaganiweyo ngiyabayala, kodwa kungemina, kuyiNkosi, umfazi makangahlukani nendoda yakhe. Kepha uma ehlukene nayo, makahlale engaganile, noma abuyisane nendoda yakhe. Nendoda mayingahlukani nomfazi wayo.