Ngokuba nganinika lokho okubalulekileyo kakhulu engakwamukela nami ukuthi uKhristu wafa ngenxa yezono zethu, njengokwemibhalo, nokuthi wambelwa, wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo, nokuthi wabonwa nguKhefase, wayesebonwa ngabayishumi nambili. Emveni kwalokho, wabonwa ngabazalwane abangaphezu kwama-500 ngasikhathi sinye, iningi labo elisaphila namanje, kodwa abanye sebalala. Emveni kwalokho, wabonwa nguJakobe, wayesebonwa ngabaphostoli bonke; ekugcineni kwabo bonke, wabonwa nayimi enginjengozalwe kungakabi yisikhathi. Ngokuba mina ngingomncane kubaphostoli, engingafanele ukubizwa ngomphostoli, lokhu ngalihlupha ibandla likaNkulunkulu. Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi. Ngakho-ke noma yimina noma yibo, sishumayela kanjalo, nani nakholwa kanjalo.
Funda 1 KwabaseKhorinte 15
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 KwabaseKhorinte 15:3-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo