Bazalwane, ngiyanazisa ukuthi ivangeli enganishumayeza lona nalamukela, futhi enimi kulo, enisindiswa ngalo uma nibambelela ezwini enganishumayeza lona, ngaphandle kokuba ukukholwa kwenu kwaba yize.
Ngokuba nganinika lokho okubalulekileyo kakhulu engakwamukela nami ukuthi uKhristu wafa ngenxa yezono zethu, njengokwemibhalo, nokuthi wambelwa, wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo, nokuthi wabonwa nguKhefase, wayesebonwa ngabayishumi nambili. Emveni kwalokho, wabonwa ngabazalwane abangaphezu kwama-500 ngasikhathi sinye, iningi labo elisaphila namanje, kodwa abanye sebalala. Emveni kwalokho, wabonwa nguJakobe, wayesebonwa ngabaphostoli bonke; ekugcineni kwabo bonke, wabonwa nayimi enginjengozalwe kungakabi yisikhathi.
Ngokuba mina ngingomncane kubaphostoli, engingafanele ukubizwa ngomphostoli, lokhu ngalihlupha ibandla likaNkulunkulu. Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi. Ngakho-ke noma yimina noma yibo, sishumayela kanjalo, nani nakholwa kanjalo. Kepha-ke uma kushunyayelwa ukuthi uKhristu uvusiwe kwabafileyo, bakusho kanjani pho abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na? Uma kungekho ukuvuka kwabafileyo, noKhristu akavuswanga. Uma uKhristu engavuswanga kwabafileyo, ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize. Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga ngoNkulunkulu, ngokuba sifakaze ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa uKhristu, angamvusanga uma kanti abafileyo bengavuswa. Ngokuba uma abafileyo bengavuswa, akavuswanga noKhristu. Kepha uma uKhristu engavuswanga, ukukholwa kwenu akusizi lutho, nisesezonweni zenu. Yebo, nalabo asebalala bekuKhristu babhubhile. Uma sithembela kuKhristu kulokhu kuphila kuphela, singabokudatshukelwa kunabantu bonke.
Kodwa manje uKhristu uvusiwe kwabafileyo, uwulibo lwabaleleyo. Ngokuba lokhu, ukufa kweza ngomuntu, nokuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu. Njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, kanjalo-ke nakuKhristu bonke bayaphiliswa. Kepha yilowo nalowo ngokwesigaba sakhe: uKhristu kuqala, bese kuba ngabakaKhristu ekubuyeni kwakhe