Kukhona iziphiwo ezahlukeneyo, kodwa zivela kuMoya munye. Kukhona imisebenzi eyehlukene yokukhonza, kodwa ivela kuyo leyo Nkosi. Kukhona imisebenzi eminingi eyehlukahlukene, kodwa uNkulunkulu munye osebenza kukho konke, nakubo bonke. Kepha yilowo nalowo uphiwa okokubonakalisa uMoya ukuba basizakale abanye. Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya. Omunye uphiwa ukukholwa nguye lowo Moya, omunye aphiwe iziphiwo zokuphulukisa nguye lowo Moya munye; omunye uphiwa ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuphrofetha, omunye ukwehlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi. Konke lokho kwenziwa nguye lowo Moya munye, owabela lowo nalowo ngokuthanda kwakhe. Njengokuba umzimba umunye, kodwa unezitho eziningi, nakuba izitho zonke zomzimba ziziningi, kepha zingumzimba munye, unjalo-ke noKhristu.
Funda 1 KwabaseKhorinte 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 KwabaseKhorinte 12:4-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo