Hlabelela kuSimakade mhlaba wonke, memezela izimangaliso zakhe usuku nosuku. Landani ngenkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe, izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke. Ngokuba mkhulu uSimakade, ufanele ukudunyiswa kakhulu; uyesabeka ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu. Bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe ezingenamsebenzi, kepha uSimakade walenza izulu. Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe; amandla nokuthokoza kusendaweni yakhe. Mnikeni uSimakade nina mindeni yabantu, mnikeni uSimakade udumo namandla. Mnikeni uSimakade udumo lwegama lakhe, nilethe umnikelo, nize phambi kwakhe, nikhuleke kuSimakade nihlobe ngobungcwele. Thuthumela phambi kwakhe, mhlaba wonke; izwe limisiwe, alinakunyakaziswa. Malijabule izulu, uthokoze umhlaba; makuthiwe ezizweni: “USimakade uyinkosi.” Maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo, kwename amasimu nakho konke okukuwo. Khona imithi yehlathi iyakukhamuluka ngokujabula phambi kukaSimakade, ngokuba uyeza uzokwehlulela umhlaba. Bongani uSimakade, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
Funda 1 IZikhronike 16
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 IZikhronike 16:23-34
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo