Ngokuba engikwenzayo angikuqondi; ngokuba engikwenzayo akusikho lokho engikuthandayo; kodwa lokho engikuzondayo, yikho engikwenzayo. Kepha uma ngenza lokho engingakuthandiyo, ngiyawuvumela umthetho ukuthi muhle. Kodwa kalokhu akuseyimi engikwenzayo, kodwa yisono esihlala kimi. Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, kungukuthi enyameni yami, akuhlali okuhle; ngokuba intando ikhona kimi, kodwa ukwenza okuhle akukho, ngokuba okuhle engikuthandayo angikwenzi, kodwa okubi engingakuthandiyo lokho ngiyakwenza. Uma-ke ngenza lokho engingakuthandiyo akuseyimi engenza lokho, kodwa yisono esihlala kimi. Ngalokho ngifumana kimina engithanda ukwenza okuhle umthetho wokuthi kukhona okubi kimi, ngokuba ngiwenamela umthetho kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi, kepha ngibona omunye umthetho ezithweni zami olwayo nomthetho wengqondo yami, ungithumbela emthethweni wesono osezithweni zami. Wo! mina muntu wosizi, ngubani oyakungikhulula kulo mzimba wokufa na? Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu. Ngalokho-ke mina ngokwami ngikhonza umthetho kaNkulunkulu ngengqondo kepha umthetho wesono ngenyama.
Funda KwabaseRoma 7
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 7:15-25
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo