KwabaseRoma 10:1-13

KwabaseRoma 10:1-13 ZUL59

Bazalwane, ukulangazela kwenhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngabo kungukuba basindiswe. Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi bashisekela uNkulunkulu kodwa kungengokuqonda; ngokuba bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, befuna ukumisa okwabo, abakuthobelanga ukulunga kukaNkulunkulu. Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo. Ngokuba uMose uloba ukuthi umuntu owenza ukulunga okuvela emthethweni uyakuphila ngakho. Kepha ukulunga okuvela ngokukholwa kusho kuthi: “Ungasho enhliziyweni yakho ukuthi: ‘Ngubani ozakwenyukela ezulwini na?’ okungukuthi ukwehlisa uKristu, nokuba: ‘Ngubani ozakwehlela kwalasha na?’ ” okungukuthi ukukhuphula uKristu kwabafileyo. Kepha kuthini na? Izwi liseduze nawe, emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi izwi lokukholwa esilishumayelayo. Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa; ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa. Ngokuba umbhalo uthi: “Lowo okholwayo akayikujabhiswa.” Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGreki, lokhu yena uyiNkosi yabo bonke, ubacebele bonke abakhuleka kuye, ngokuba “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 10:1-13