IsAmbulo 9

9
Ingelosi yesihlanu iyabetha icilongo
1 Ingelosi yesihlanu yayisibetha; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini, iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo somgodi wakwalasha. 2Yayisivula umgodi wakwalasha; kwenyuka umusi emgodini njengomusi weziko elikhulu, kwafiphazwa ilanga nomkhathi ngomusi womgodi. 3 Kwaphuma isikhonyane emsini, seza emhlabeni, sanikwa amandla njengamandla abanawo ofezela bomhlaba. 4 Kwathiwa kuso masingoni utshani bomhlaba, nanye into eluhlaza, nowodwa umuthi, kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo. 5Sanikwa ukuba singababulali kepha sibahluphe izinyanga eziyisihlanu; nokuhlushwa kwabo kwaba njengobuhlungu bukafezela, nxa emqosela umuntu. 6 Ngaleyo mihla abantu bayakufuna ukufa, bangaze bakufumana; futhi bayakufisa ukufa, kepha ukufa kubabalekele.
7 Nesimo sesikhonyane sasifana namahhashi alungiselwe ukulwa, nasemakhanda aso kukhona okunjengemiqhele efana negolide, nobuso bunjengobuso babantu; 8 futhi sasinezinwele ezinjengezinwele zabesifazane, namazinyo aso ayenjengawezingonyama, 9sinezivikelo zezifuba njengezivikelo zensimbi, nomdumo wamaphiko aso wawunjengomdumo wezinqola zamahhashi amaningi egijimela ekulweni. 10Sasinemisila efana neyawofezela inezindosi, nasemisileni yaso kukhona amandla aso okona abantu izinyanga eziyisihlanu. 11Sinenkosi phezu kwaso, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi u-Apholiyoni.
12 UMaye wokuqala udlulile; bheka, kuseza oMaye ababili ngasemva kwalokho.
Ingelosi yesithupha iyabetha
13 Ingelosi yesithupha yayisibetha; ngezwa izwi livela ezimpondweni ezine ze-altare legolide eliphambi kukaNkulunkulu, 14 lithi kuyo ingelosi yesithupha enecilongo: “Thukulula izingelosi ezine eziboshwe ngasemfuleni omkhulu u-Ewufrathe.” 15Zase zithukululwa izingelosi ezine ezilungiselwe ihora, nosuku, nenyanga, nomnyaka, ukuba zibulale okwesithathu kwabantu. 16Umumo wezimpi zabakhwele amahhashi wawungukuphindwa kabili kwezinkulungwane eziyishumi ziphindwe kazinkulungwane eziyishumi.
17Nakanjalo ngabona ngombono amahhashi nabakhwele kuwo benezivikelo zezifuba, zibomvu njengomlilo nezehiyakinte* nezesibabule; namakhanda amahhashi ayenjengamakhanda ezingonyama, nasemilonyeni yawo kuphuma umlilo, nomusi, nesibabule. 18Ngalezo zinhlupho ezintathu kwabulawa okwesithathu kwabantu ngomlilo, nangomusi, nangesibabule, okwaphuma emilonyeni yawo. 19Ngokuba amandla amahhashi asemilonyeni yawo nasemisileni yawo; ngokuba imisila yawo ifana nezinyoka, inamakhanda ona ngawo.
20 Kepha abaseleyo babantu abangabulawanga ngalezo zinhlupho abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo ukuba bangakhuleki kuwo amademoni, nezithombe zegolide, nezesiliva, nezethusi, nezamatshe, nezemithi, ezingenakho ukubona, nakuzwa, nakuhamba, 21futhi abaphendukanga ekubulaleni kwabo, nasekuthakatheni kwabo, nasebufebeni babo, nasekwebeni kwabo.

Okuqokiwe okwamanje:

IsAmbulo 9: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo