Ngase ngibona lapho iWundlu livula olunye lwezimpawu eziyisikhombisa, ngezwa esinye sezidalwa ezine sisho njengezwi lokuduma, sithi: “Woza!” Ngabona, bheka, nanto ihhashi elimhlophe, nohlezi phezu kwalo ephethe umnsalo wanikwa umqhele, waphuma engonqobayo nokuyakunqoba. Nalapho livula uphawu lwesibili, ngezwa isidalwa sesibili sithi: “Woza!” Kwase kuphuma elinye ihhashi elibomvu, nohlezi phezu kwalo waphiwa ukususa ukuthula emhlabeni, ukuze babulalane, wanikwa nenkemba enkulu. Kuthe selivula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu sithi: “Woza!” Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimnyama nohlezi phezu kwalo ephethe isilinganiso ngesandla sakhe. Ngase ngizwa kungathi izwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: “Imbenge kakolweni ngodenariyu* nezimbenge ezintathu zebhali* ngodenariyu, kepha amafutha newayini ungakoni.” Nalapho livula uphawu lwesine, ngezwa izwi lesidalwa sesine sithi: “Woza!” Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimpofu nohlezi phezu kwalo, igama lakhe lalingukuFa, neHayidese* lalandelana naye; base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulale ngenkemba, nangendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba.
Funda IsAmbulo 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IsAmbulo 6:1-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo