Emva kwalokho ngezwa kungathi izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini, lithi: “Haleluya! Insindiso, nenkazimulo, namandla ngokukaNkulunkulu wethu, ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe; ngokuba isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindisele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”
Bathi ngokwesibili: “Haleluya! Nomusi waso wenyuka kuze kube phakade naphakade.”
Ayesewa phansi amalunga angamashumi amabili nane kanye nezidalwa ezine, akhuleka kuNkulunkulu ohlezi esihlalweni sobukhosi, athi: “Amen! Haleluya!”
Kwase kuphuma izwi esihlalweni sobukhosi, lithi: “Dumisani uNkulunkulu wethu nonke nina zinceku zakhe, nina enimesabayo, abancane nabakhulu.”
Ngase ngizwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, linjengezwi lamanzi amaningi, nezwi lokuduma okunamandla, lithi:
“Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke, iyabusa. Masithokoze, sethabe, futhi masimnike inkazimulo, ngokuba umshado weWundlu ufikile, nomkalo uzilungisele; wanikwa ukuba embathe ilineni elicolekileyo nelikhazimulayo nelihlanzekileyo,” ngokuba ilineni elicolekileyo liyizenzo ezilungileyo zabangcwele.
Yayisithi kimi: “Loba ukuthi: ‘Babusisiwe abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu.’ ” Yayisithi kimi: “Lawo angamazwi aqinisileyo kaNkulunkulu.”
Ngase ngiwa phansi phambi kwezinyawo ukukhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu. Ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuprofetha.”
Ngase ngibona izulu livulekile; bheka, nanto ihhashi elimhlophe nohlezi phezu kwalo obizwa ngokuthi oThembekileyo noQinisileyo; uyahlulela, alwe ngokulunga. Amehlo akhe angamalangabi omlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; unegama elilotshiweyo elingaziwa muntu, nguyena kuphela; wembethe ingubo efafazwe ngegazi; igama lakhe nguLizwi kaNkulunkulu. Izimpi zasezulwini zamlandela zikhwele amahhashi amhlophe, zembethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo. Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke. Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi